Ulevitikusi 26:32-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.

33. Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.

34. Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.

35. Ngesikhathi lihlezi lichithekile liyakuphumula, lokho kuphumula elalingenakho ngamasabatha enu, lapho nanisahlezi kulo.

36. “ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.

37. Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.

38. Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linidle.

39. Abaseleyo bakini bayakonda ngobubi babo emazweni ezitha zenu, nangobubi bawoyise bayakonda kanye nabo.

40. “ ‘Bayakuvuma ububi babo nobubi bawoyise ngeziphambeko zabo abaphambeka ngazo kimi, nokuthi njengokuba bahamba bephambene nami,

41. nami ngahamba ngiphambene nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo; uma-ke izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, besamukela isijeziso sobubi babo,

42. ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe; nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.

Ulevitikusi 26