Ulevitikusi 26:31-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.

32. Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.

33. Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.

34. Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.

35. Ngesikhathi lihlezi lichithekile liyakuphumula, lokho kuphumula elalingenakho ngamasabatha enu, lapho nanisahlezi kulo.

36. “ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.

37. Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.

38. Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linidle.

39. Abaseleyo bakini bayakonda ngobubi babo emazweni ezitha zenu, nangobubi bawoyise bayakonda kanye nabo.

Ulevitikusi 26