Ulevitikusi 26:23-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. “ ‘Kepha uma ningaxwayiswa yimi ngalezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,

24. nami ngiyakuhamba ngiphambene nani, nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.

25. Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.

26. Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.

27. “ ‘Kepha uma ningangilaleli nangazo zonke lezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,

28. nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.

29. Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.

30. Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.

31. Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.

32. Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.

33. Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.

34. Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.

35. Ngesikhathi lihlezi lichithekile liyakuphumula, lokho kuphumula elalingenakho ngamasabatha enu, lapho nanisahlezi kulo.

36. “ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.

37. Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.

38. Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linidle.

Ulevitikusi 26