14. “ ‘Kepha uma ningalaleli, ningayenzi yonke le miyalo,
15. uma nilahla izimiso zami, uma umphefumulo wenu unengwa yizahlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kepha naphule isivumelwano sami,
16. nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.
17. Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.
18. “ ‘Kepha uma ningangilaleli nangalezo zinto, ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu.
19. Ngiyakwaphula ukuzidla kwamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.
20. Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.
21. “ ‘Uma nihamba niphambene nami, ningangilaleli, ngiyakubuye nginehlisele izinhlupheko ziphindwe kasikhombisa njengezono zenu.
22. Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.
23. “ ‘Kepha uma ningaxwayiswa yimi ngalezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,
24. nami ngiyakuhamba ngiphambene nani, nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.
25. Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.
26. Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.
27. “ ‘Kepha uma ningangilaleli nangazo zonke lezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,
28. nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.
29. Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.