Ulevitikusi 25:8-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “ ‘Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, kube kuwe izinsuku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka, kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye.

9. Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.

10. Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba yijubili* kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.

11. Lo mnyaka wamashumi ayisihlanu uyakuba yijubili kini; aniyikulima, ningavuni amakhikhizela awo, ningakhi ngawo ezomvini ongatheniwe.

12. Ngokuba uyijubili; uyakuba ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini.

13. “ ‘Ngalowo mnyaka wejubili niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe.

14. “ ‘Uma uthengisa ngotho kumakhelwane wakho noma uthenga esandleni somakhelwane wakho, ningadlani;

15. njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe.

Ulevitikusi 25