8. “ ‘Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, kube kuwe izinsuku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka, kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye.
9. Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.
10. Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba yijubili* kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.
11. Lo mnyaka wamashumi ayisihlanu uyakuba yijubili kini; aniyikulima, ningavuni amakhikhizela awo, ningakhi ngawo ezomvini ongatheniwe.
12. Ngokuba uyijubili; uyakuba ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini.
13. “ ‘Ngalowo mnyaka wejubili niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe.