51. Uma isasele iminyaka eminingi, njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo.
52. Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili, uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe.
53. Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.
54. “ ‘Uma engahlengwanga ngalezo zindlela, uyakuphuma ngomnyaka wejubili, yena nabantwana bakhe kanye naye.
55. Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayizinceku kimi; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.