37. Awuyikumnika imali yakho ngenzalo, ungamuphi ukudla kwakho ngenzuzo.
38. NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.
39. “ ‘Uma umfowenu eba mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila,
40. kepha abe njengomqashwa nogogobeleyo kuwe; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili,
41. andukuba aphume kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise.
42. Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila.
43. Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.
44. “ ‘Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo: niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo.
45. Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini, kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu.