Ulevitikusi 25:37-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. Awuyikumnika imali yakho ngenzalo, ungamuphi ukudla kwakho ngenzuzo.

38. NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.

39. “ ‘Uma umfowenu eba mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila,

40. kepha abe njengomqashwa nogogobeleyo kuwe; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili,

41. andukuba aphume kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise.

42. Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila.

43. Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.

44. “ ‘Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo: niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo.

45. Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini, kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu.

Ulevitikusi 25