24. Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.
25. “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo.
26. Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga,
27. makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo, abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe.
28. Uma engatholi amandla okuzibuyiselela lona, lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo, uze ufike umnyaka wejubili; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.
29. “ ‘Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange, angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa ngayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba nelungelo lokuyihlenga.
30. Uma ingahlengwanga umnyaka usuphelile, leyo ndlu esemzini onogange iyakuqiniswa ibe ngeyakhe owayithenga kuze kube phakade ezizukulwaneni zakhe; ayiyikuphuma ngejubili.
31. Kepha izindlu zemizana engenalugange nxazonke ziyakubalwa kanye namasimu asemaphandleni; zingahlengwa, ziphume ngejubili.
32. “ ‘Kodwa imizi yamaLevi, izindlu zemizi yefa lawo amaLevi angazihlenga noma nini.
33. Uma umLevi engahlengi, indlu okwathengiswa ngayo nomuzi wefa lakhe kuyakuphuma ngejubili, ngokuba izindlu zemizi yamaLevi ziyifa lawo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
34. Izwe lamadlelo emizi yawo akunakuthengiswa ngalo, ngokuba liyifa lawo kuze kube phakade.
35. “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo.
36. Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo, kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.
37. Awuyikumnika imali yakho ngenzalo, ungamuphi ukudla kwakho ngenzuzo.
38. NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.
39. “ ‘Uma umfowenu eba mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila,
40. kepha abe njengomqashwa nogogobeleyo kuwe; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili,
41. andukuba aphume kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise.
42. Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila.
43. Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.