Ulevitikusi 25:15-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe.

16. Ngobuningi beminyaka uyakwandisa intengo yalo nangobuncane beminyaka uyakunciphisa intengo yalo; ngokuba uthengisa kuwe ngenani lezithelo.

17. Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.

Ulevitikusi 25