Ulevitikusi 24:7-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.

8. Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.

9. Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”

10. Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli, uyise wayo engowaseGibithe, yaphuma yaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; indodana yowesifazane wakwa-Israyeli nomuntu wakwa-Israyeli baxabana ekamu;*

11. indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza iGama, yathuka; yalethwa kuMose. Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri, owesizwe sakwaDani.

12. Bayifaka etilongweni ukuba batshelwe ngomlomo kaJehova.

13. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

14. “Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.

15. Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.

16. Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.

17. “ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.

Ulevitikusi 24