Ulevitikusi 24:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.

3. Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova, aqale kusihlwa kuze kuse; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu,

4. alungise njalo izibani othini olucwengekileyo phambi kukaJehova.

5. “Wothabatha impuphu ecolekileyo, upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili.

6. Wowabeka izinqwaba ezimbili, ayisithupha abe senqwabeni inye etafuleni elicwengekileyo phambi kukaJehova.

7. Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.

8. Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.

9. Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”

10. Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli, uyise wayo engowaseGibithe, yaphuma yaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; indodana yowesifazane wakwa-Israyeli nomuntu wakwa-Israyeli baxabana ekamu;*

11. indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza iGama, yathuka; yalethwa kuMose. Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri, owesizwe sakwaDani.

12. Bayifaka etilongweni ukuba batshelwe ngomlomo kaJehova.

Ulevitikusi 24