Ulevitikusi 23:9-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

10. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifikile ezweni engininika lona, nivune isivuno salo, anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu;

11. yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa.

12. Ngalolo suku enizulisa ngalo isithungu, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

13. Umnikelo wawo wempuphu woba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa woba ngokwesine kwehini* lewayini.

14. Aniyikudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha, kuze kufike lolo suku, ningakalethi umnikelo kaNkulunkulu wenu; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.

15. “ ‘Anozibalela kusukela kolwangakusasa emva kwesabatha, ngosuku enaletha ngalo isithungu somnikelo wokuzuliswa, kuze kube ngamasabatha ayisikhombisa apheleleyo;

16. kuze kufike olwangakusasa emva kwesabatha lesikhombisa anobala izinsuku ezingamashumi ayisihlanu, ninikele ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova.

17. Maniphume ezindlini zenu nezinkwa ezimbili zokuzuliswa zokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, ziphekwe nemvubelo, zibe lulibo kuJehova.

18. Kanye nesinkwa niyakunikela ngezimvu eziyisikhombisa ezingenasici zinomnyaka munye, neduna nezinqama ezimbili, zibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova kanye nomnikelo wazo wempuphu neminikelo yazo yokuphuzwa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

19. Niyakunikela ngempongo ibe ngumnikelo wesono, nezimvu ezimbili zamaduna ezinomnyaka munye, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula.

20. Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili; ziyakuba ngcwele kuJehova, zibe ngezompristi.

21. Niyakumemezela ngalolo suku, nibe nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.

22. “ ‘Nxa nivuna isivuno sezwe lakini, awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho; uwushiyele abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wakho.’ ”

Ulevitikusi 23