Ulevitikusi 23:41-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. Niyakuwugcina ube ngumkhosi kuJehova izinsuku eziyisikhombisa ngomnyaka; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; niwugcine ngenyanga yesikhombisa.

42. Niyakuhlala emadokodweni izinsuku eziyisikhombisa, bonke abangabokuzalwa kwa-Israyeli bahlale emadokodweni,

43. ukuze izizukulwane zenu zazi ukuthi ngabahlalisa abantwana bakwa-Israyeli emadokodweni ekubakhipheni kwami ezweni laseGibithe, nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”

44. UMose wabatshela-ke abantwana bakwa-Israyeli imikhosi emisiweyo kaJehova.

Ulevitikusi 23