Ulevitikusi 23:29-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Ngokuba yilowo nalowo muntu ongathotshiswa ngalolo suku uyakunqunywa kubantu bakubo.

30. Yilowo nalowo muntu owenza umsebenzi othile ngalolo suku, lowo muntu ngiyakumbhubhisa, angabikho kubantu bakubo.

31. Ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.

32. Kuyakuba yisabatha lokuphumula okuzothileyo kini, nithobise imiphefumulo yenu; ngolwesishiyagalolunye lwenyanga kusihlwa, kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa, anogcina isabatha lenu.”

33. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

34. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova.

35. Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi.

36. Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova; ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ozothileyo, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova; kungumhlangano wokugcina; ningasebenzi msebenzi.

Ulevitikusi 23