29. Ngokuba yilowo nalowo muntu ongathotshiswa ngalolo suku uyakunqunywa kubantu bakubo.
30. Yilowo nalowo muntu owenza umsebenzi othile ngalolo suku, lowo muntu ngiyakumbhubhisa, angabikho kubantu bakubo.
31. Ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.
32. Kuyakuba yisabatha lokuphumula okuzothileyo kini, nithobise imiphefumulo yenu; ngolwesishiyagalolunye lwenyanga kusihlwa, kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa, anogcina isabatha lenu.”
33. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: