27. “Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.
28. Ningasebenzi msebenzi ngalolo suku, ngokuba kulusuku lokubuyisana ukunenzela ukubuyisana phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.
29. Ngokuba yilowo nalowo muntu ongathotshiswa ngalolo suku uyakunqunywa kubantu bakubo.
30. Yilowo nalowo muntu owenza umsebenzi othile ngalolo suku, lowo muntu ngiyakumbhubhisa, angabikho kubantu bakubo.
31. Ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.
32. Kuyakuba yisabatha lokuphumula okuzothileyo kini, nithobise imiphefumulo yenu; ngolwesishiyagalolunye lwenyanga kusihlwa, kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa, anogcina isabatha lenu.”
33. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
34. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova.
35. Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi.
36. Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova; ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ozothileyo, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova; kungumhlangano wokugcina; ningasebenzi msebenzi.
37. “ ‘Le iyimikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele ukunikela ngomnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, umhlatshelo neminikelo yokuphuzwa, kube yilowo nalowo ngosuku lwawo,
38. ngaphandle kwamasabatha kaJehova, nangaphandle kwezipho zenu, nangaphandle kwezithembiso zenu zonke, nangaphandle kweminikelo yenu yonke yesihle eninikela ngayo kuJehova.
39. “ ‘Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe, anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube ngukuphumula okuzothileyo, nangosuku lwesishiyagalombili kube ngukuphumula okuzothileyo.
40. Ngosuku lokuqala anothabatha izithelo zemithi emihle, namagatsha amasundu, nezingatsha zemithi edumbileyo, neminyezane yemifula, nethabe phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu izinsuku eziyisikhombisa.
41. Niyakuwugcina ube ngumkhosi kuJehova izinsuku eziyisikhombisa ngomnyaka; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; niwugcine ngenyanga yesikhombisa.
42. Niyakuhlala emadokodweni izinsuku eziyisikhombisa, bonke abangabokuzalwa kwa-Israyeli bahlale emadokodweni,