Ulevitikusi 23:27-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. “Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.

28. Ningasebenzi msebenzi ngalolo suku, ngokuba kulusuku lokubuyisana ukunenzela ukubuyisana phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.

29. Ngokuba yilowo nalowo muntu ongathotshiswa ngalolo suku uyakunqunywa kubantu bakubo.

30. Yilowo nalowo muntu owenza umsebenzi othile ngalolo suku, lowo muntu ngiyakumbhubhisa, angabikho kubantu bakubo.

31. Ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.

32. Kuyakuba yisabatha lokuphumula okuzothileyo kini, nithobise imiphefumulo yenu; ngolwesishiyagalolunye lwenyanga kusihlwa, kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa, anogcina isabatha lenu.”

33. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

34. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga yesikhombisa kungumkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa kuJehova.

35. Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi.

36. Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova; ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ozothileyo, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova; kungumhlangano wokugcina; ningasebenzi msebenzi.

37. “ ‘Le iyimikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele ukunikela ngomnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, umhlatshelo neminikelo yokuphuzwa, kube yilowo nalowo ngosuku lwawo,

Ulevitikusi 23