Ulevitikusi 23:21-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Niyakumemezela ngalolo suku, nibe nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.

22. “ ‘Nxa nivuna isivuno sezwe lakini, awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho; uwushiyele abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wakho.’ ”

23. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

24. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga anoba nokuphumula okuzothileyo, isikhumbuzo ngokushaya amacilongo, umhlangano ongcwele.

25. Ningasebenzi msebenzi, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.’ ”

26. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

27. “Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.

28. Ningasebenzi msebenzi ngalolo suku, ngokuba kulusuku lokubuyisana ukunenzela ukubuyisana phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.

Ulevitikusi 23