2. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Imikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele, yona iyimikhosi yami emisiweyo.
3. “ ‘Umsebenzi uyakwenziwa izinsuku eziyisithupha; kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo, umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisabatha kuJehova ezindlini zenu zonke.
4. “ ‘Nansi imikhosi emisiweyo kaJehova, imihlangano engcwele eniyakuyimemezela ngezikhathi zayo ezimisiweyo.
5. Ngenyanga yokuqala ngolweshumi nane lwenyanga kusihlwa kuyiphasika likaJehova.
6. Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kungumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuJehova; niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
7. Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi.
8. Kepha niyakunikela ngomnikelo womlilo kuJehova izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lwesikhombisa kungumhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi.’ ”
9. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
10. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifikile ezweni engininika lona, nivune isivuno salo, anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu;
11. yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa.
12. Ngalolo suku enizulisa ngalo isithungu, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova.
13. Umnikelo wawo wempuphu woba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa woba ngokwesine kwehini* lewayini.
14. Aniyikudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha, kuze kufike lolo suku, ningakalethi umnikelo kaNkulunkulu wenu; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.
15. “ ‘Anozibalela kusukela kolwangakusasa emva kwesabatha, ngosuku enaletha ngalo isithungu somnikelo wokuzuliswa, kuze kube ngamasabatha ayisikhombisa apheleleyo;
16. kuze kufike olwangakusasa emva kwesabatha lesikhombisa anobala izinsuku ezingamashumi ayisihlanu, ninikele ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova.
17. Maniphume ezindlini zenu nezinkwa ezimbili zokuzuliswa zokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, ziphekwe nemvubelo, zibe lulibo kuJehova.