31. “Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.
32. Ningahlambalazi igama lami elingcwele; kepha ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nginguJehova oningcwelisayo,
33. owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova.”