Ulevitikusi 22:28-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Noma kuyinkomazi noma imvukazi, aniyikuyihlaba kanye nomntwana wayo ngalusuku lunye.

29. “Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke.

30. Uyakudliwa ngalolo suku, ningashiyi lutho lwawo kuze kuse; nginguJehova.

31. “Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.

32. Ningahlambalazi igama lami elingcwele; kepha ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nginguJehova oningcwelisayo,

33. owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguJehova.”

Ulevitikusi 22