Ulevitikusi 22:21-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi sici kuwo.

22. Ephuphuthekayo noma eyaphukileyo noma elimeleyo noma enesilonda noma enokhwekhwe noma enomuna, ninganikeli ngazo kuJehova, futhi ninganikeli ngazo zibe ngumnikelo womlilo e-altare kuJehova.

23. Inkunzi noma imvana enesitho esidluleleyo noma enesitho esincane, unganikela ngazo zibe ngumnikelo wesihle, kepha uma ungowesithembiso awunakwamukeleka.

24. Aniyikunikela kuJehova ngento etheniwe ngokukhandwa noma ngokuchotshozwa noma ngokudwengulwa noma ngokunqunywa; ningenzi kanjalo ezweni lakini.

25. Aniyikwamukela esandleni sowezizwe, ninikele ngezinjalo zibe yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba ukonakala kwazo kukuzo, zinobulima; aniyikwamukeleka ngazo.’ ”

26. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

27. “Nxa kuzalwa inkunzi noma imvu noma imbuzi, iyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili nangasemuva iyakwamukelwa ibe ngumnikelo womlilo kuJehova.

28. Noma kuyinkomazi noma imvukazi, aniyikuyihlaba kanye nomntwana wayo ngalusuku lunye.

29. “Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke.

30. Uyakudliwa ngalolo suku, ningashiyi lutho lwawo kuze kuse; nginguJehova.

31. “Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.

32. Ningahlambalazi igama lami elingcwele; kepha ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nginguJehova oningcwelisayo,

Ulevitikusi 22