Ulevitikusi 22:13-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, bese yibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.

14. “ ‘Uma umuntu edla okungcwele engazi, wothasisela okwesihlanu kwakho, amnike umpristi okungcwele.

15. Abayikuhlambalaza izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngazo kuJehova,

16. bangabethwesi ububi obutholisa icala, lapho bedla izinto zabo ezingcwele; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.’ ”

17. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

18. “Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu ka-Israyeli noma umfokazi kwa-Israyeli onikela ngomnikelo wakhe, noma owesithembiso sakhe noma oweminikelo yakhe yesihle, okunikelwa ngayo kuJehova ibe ngumnikelo wokushiswa,

19. ukuze namukeleke, wonikela ngeduna elingenasici lezinkomo, elezimvu noma elezimbuzi.

Ulevitikusi 22