Ulevitikusi 21:6-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.

7. “ ‘Angathathi owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, angathathi owesifazane olahliwe yindoda yakhe, ngokuba ungcwele kuNkulunkulu wakhe.

8. Ngalokho uyakumngcwelisa, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.

9. “ ‘Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.

10. “ ‘Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba, nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,

11. angangeni nakumuphi umuntu ofileyo, angazingcolisi ngoyise noma ngonina,

12. futhi angaphumi endlini engcwele, angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.

13. “ ‘Wothatha umfazi oseyintombi.

14. Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo, isifebe, laba akayikubathatha, kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe.

15. Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.’ ”

16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

17. “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Umuntu wenzalo yakho ezizukulwaneni zayo oyisilima makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.

18. Ngokuba umuntu oyisilima akayikusondela: impumputhe noma unyonga, noma onekhala eliyisicaba, noma ozitho zakhe zingalingene,

19. noma umuntu ononyawo olwaphukileyo, noma onesandla esaphukileyo,

20. noma onesifumbu, noma oyisichwe, noma onomlanga esweni lakhe, noma onesithembuzane, noma onomuna, noma oyisilima ngamasende;

21. akungabikho muntu wenzalo ka-Aroni umpristi oyisilima oyakusondela ukunikela ngeminikelo yomlilo kaJehova; uyisilima; makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.

22. Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.

Ulevitikusi 21