Ulevitikusi 21:21-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. akungabikho muntu wenzalo ka-Aroni umpristi oyisilima oyakusondela ukunikela ngeminikelo yomlilo kaJehova; uyisilima; makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.

22. Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.

23. Kuphela akayikungena kuso isihenqo, futhi angasondeli e-altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele, ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.

24. UMose wakhuluma lokho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.’ ”

Ulevitikusi 21