10. “ ‘Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba, nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,
11. angangeni nakumuphi umuntu ofileyo, angazingcolisi ngoyise noma ngonina,
12. futhi angaphumi endlini engcwele, angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.
13. “ ‘Wothatha umfazi oseyintombi.
14. Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo, isifebe, laba akayikubathatha, kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe.
15. Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.’ ”
16. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
17. “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Umuntu wenzalo yakho ezizukulwaneni zayo oyisilima makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.
18. Ngokuba umuntu oyisilima akayikusondela: impumputhe noma unyonga, noma onekhala eliyisicaba, noma ozitho zakhe zingalingene,
19. noma umuntu ononyawo olwaphukileyo, noma onesandla esaphukileyo,
20. noma onesifumbu, noma oyisichwe, noma onomlanga esweni lakhe, noma onesithembuzane, noma onomuna, noma oyisilima ngamasende;
21. akungabikho muntu wenzalo ka-Aroni umpristi oyisilima oyakusondela ukunikela ngeminikelo yomlilo kaJehova; uyisilima; makangasondeli ukunikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakhe.
22. Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.
23. Kuphela akayikungena kuso isihenqo, futhi angasondeli e-altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele, ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.
24. UMose wakhuluma lokho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.’ ”