Ulevitikusi 21:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wathi kuMose: “Khuluma kubapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo,

2. ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye, okungukuthi unina, noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo,

3. nodadewabo, intombi eseduze naye, engenandoda; angazingcolisa ngaye.

4. Akayikuzingcolisa, eyisikhulu phakathi kwabantu bakubo, ukuze azihlambalaze.

5. “ ‘Abayikuzigega amakhanda abo, bangasiphuculi isilevu emaceleni, bangazigcabi emzimbeni.

6. Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.

7. “ ‘Angathathi owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, angathathi owesifazane olahliwe yindoda yakhe, ngokuba ungcwele kuNkulunkulu wakhe.

8. Ngalokho uyakumngcwelisa, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.

9. “ ‘Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.

Ulevitikusi 21