Ulevitikusi 21:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wathi kuMose: “Khuluma kubapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo,

2. ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye, okungukuthi unina, noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo,

3. nodadewabo, intombi eseduze naye, engenandoda; angazingcolisa ngaye.

Ulevitikusi 21