Ulevitikusi 20:7-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. “ ‘Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

8. Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.

9. “ ‘Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.

10. “ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.

11. “ ‘Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.

12. “ ‘Uma umuntu elala nomalokazana wakhe, bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe phezu kwabo.

13. “ ‘Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane, bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.

14. “ ‘Uma umuntu ethatha umfazi kanye nonina, kungukonakala; bayakushiswa ngomlilo yena nabo, ukuze kungabikho konakala phakathi kwenu.

15. “ ‘Uma umuntu elala nesilwane, wobulawa nokubulawa, nisihlabe isilwane.

16. “ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni, alale naso, wobulala owesifazane nesilwane; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.

17. “ ‘Uma umuntu ethatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe, naye abone ubunqunu bakhe, kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana babantu bakubo; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.

18. “ ‘Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe, naye wambulile umthombo wegazi lakhe; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo.

19. “ ‘Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko, noma obukadadewabo kayihlo, ngokuba unqunisile isihlobo sakhe; bayakuthwala ububi babo.

20. “ ‘Uma umuntu elala nomkayisekazi, wambulile ubunqunu bukayisekazi; bayakuthwala isono sabo; bayakufa beyizimpulule.

21. “ ‘Uma umuntu ethatha umkamfowabo, kungukungcola; wambulile ubunqunu bomfowabo; bayakuba yizimpulule.

22. “ ‘Ngalokho anogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izahlulelo zami, nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.

23. Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu, ngokuba benza zonke lezo zinto; ngalokho nganengwa yibo.

Ulevitikusi 20