Ulevitikusi 20:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Futhi uyakusho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa-Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.

3. Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.

4. Uma abantu balelo zwe besitheza kancane amehlo abo kulowo muntu, lapho enikela ngenzalo yakhe kuMoloki, bangambulali,

5. ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga, beyophinga noMoloki.

6. “ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.

7. “ ‘Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

8. Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.

Ulevitikusi 20