Ulevitikusi 2:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “ ‘Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,

2. awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;

3. okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.

4. “ ‘Nxa uletha umnikelo wempuphu ephekwe eziko, woba ngamaqebelengwane angenamvubelo empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, noma imiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha.

5. Uma umnikelo wakho ungumnikelo wempuphu ephekwe ngomqengele, woba ngowempuphu ecolekileyo engenamvubelo, exovwe ngamafutha.

Ulevitikusi 2