30. “ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova.
31. “ ‘Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
32. “ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
33. “ ‘Uma umfokazi egogobele kuwe ezweni lakini, aniyikumhlupha.
34. Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
35. “ ‘Aniyikwenza ukungalungi ekwahluleleni, ekulinganiseni ubude noma isisindo noma ubuningi.
36. Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, nezisindo ezilungileyo, ne-efa* elilungileyo, nehini* elilungileyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.
37. “ ‘Anogcina zonke izimiso zami nazo zonke izahlulelo zami, nizenze; nginguJehova.’ ”