12. “ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.
13. “ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.
14. “ ‘Ungaqalekisi isithulu, ungabeki isikhubekiso phambi kwempumputhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
15. “ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.
16. “ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.
17. “ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.
18. “ ‘Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.
19. “ ‘Niyakugcina izimiso zami; ungavumeli izilwane zakho zizekwe ngolunye uhlobo; ungahlwanyeli ensimini yakho izinhlobo ezimbili zembewu; kungezi phezu kwakho ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana.