10. Awuyikukhothoza isivini sakho, ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
11. “ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.
12. “ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.
13. “ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.
14. “ ‘Ungaqalekisi isithulu, ungabeki isikhubekiso phambi kwempumputhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
15. “ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.
16. “ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.
17. “ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.
18. “ ‘Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.
19. “ ‘Niyakugcina izimiso zami; ungavumeli izilwane zakho zizekwe ngolunye uhlobo; ungahlwanyeli ensimini yakho izinhlobo ezimbili zembewu; kungezi phezu kwakho ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana.
20. “ ‘Olala nowesifazane oyisigqilakazi eyingoduso, engahlengiwe, engakhululiwe ngesihle, makabe nesijeziso, angabulawa nokho, ngokuba wayengakhululekile.
21. Uyakuletha umnikelo wakhe wecala kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, inqama ibe ngumnikelo wecala.
22. Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe isono sakhe one ngaso.
23. “ ‘Nanxa senifikile ezweni, nitshale imithi eyizinhlobonhlobo edliwayo, anothi izithelo zayo zingukungasoki kwayo; iminyaka emithathu iyakuba njengengasokiwe kini: mazingadliwa.
24. Kepha ngomnyaka wesine zonke izithelo zayo ziyakuba ngcwele, ezokumdumisa uJehova.