1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.
3. “ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
4. “ ‘Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
5. “ ‘Nxa ninikela kuJehova ngomhlatshelo weminikelo yokuthula, anonikela ngawo ukuba namukeleke.
6. Uyakudliwa ngosuku lokunikela kwenu nangakusasa; uma kusele okuthile kuze kube lusuku lwesithathu, kuyakushiswa ngomlilo.
7. Uma kudliwa nokuncane ngosuku lwesithathu, kuyisinengiso; awuyikwamukeleka;
8. yilowo nalowo owudlayo uyakuthwala ububi bakhe, ngokuba udumazile okungcwele kukaNkulunkulu; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
9. “ ‘Nxa nivuna isivuno sezwe lakini, awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho.
10. Awuyikukhothoza isivini sakho, ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
11. “ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.
12. “ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.
13. “ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.