16. “ ‘Ungambuli ubunqunu bomkamfowenu; kungubunqunu bomfowenu.
17. “ ‘Ungambuli ubunqunu bowesifazane kanye nobendodakazi yakhe; ungathathi indodakazi yendodana yakhe, noma indodakazi yendodakazi yakhe ukwambula ubunqunu bayo, ngokuba bayizihlobo; kungukonakala.
18. “ ‘Ungathathi owesifazane kanye nodadewabo ukuba wambule ubunqunu bakhe kanye nomunye esekhona, aze ambange.
19. “ ‘Ungasondeli kowesifazane, wambule ubunqunu bakhe esangcolile ngokungcola kwakhe.
20. “ ‘Ungalali nomkamakhelwane ukuzingcolisa ngaye.
21. “ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.
22. “ ‘Ungalali nowesilisa njenganowesifazane; kuyisinengiso.
23. “ ‘Ungalali nesilwane ukuzingcolisa ngaso; nowesifazane makangemi phambi kwesilwane ukuba alale naso; kuyichilo.
24. “ ‘Ningazingcolisi nangeyodwa yalezo zinto, ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezi zizwe engizixosha phambi kwakho.
25. Izwe lingcolile; ngalokho ngahambela ububi balo kulo, izwe lahlanza abantu balo.
26. Gcinani izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi nesisodwa salezo zinengiso, noma owokuzalwa ekhaya noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu