Ulevitikusi 18:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguJehova uNkulunkulu wenu.

3. Ningenzi njengokwemisebenzi yezwe laseGibithe enahlala kulo, ningenzi futhi njengokwemisebenzi yezwe laseKhanani enginiyisa kulo, ningahambi ngemithetho yabo.

4. Nenze izahlulelo zami, nigcine imithetho yami ukuba nihambe ngayo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

5. Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.

6. “ ‘Makungasondeli muntu kowakubo ukwambula ubunqunu bakhe; nginguJehova.

Ulevitikusi 18