7. Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.’
8. “Wothi kubo: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,
9. engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
10. “ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.
11. Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.
12. Ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Makungabikho muntu kini odla igazi; nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu makangadli igazi.”
13. “ ‘Yilowo nalowo muntu wabantwana bakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo ozingela, abambe isilwane noma inyoni edliwayo, makachithe igazi layo, alisibekele ngothuli.