26. Ovuma ukuba impongo iye ku-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*
27. Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu,* kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.
28. Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*
29. Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.
30. Ngokuba ngalolo suku niyakwenzelwa ukubuyisana ukuba nihlanjululwe; niyakuhlambuluka ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova.