Ulevitikusi 16:22-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. impongo ithwale ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, bayiyeke impongo ehlane.

23. U-Aroni uyakungena etendeni lokuhlangana, akhumule izambatho zelineni azembetheyo ekungeneni kwakhe endaweni engcwele, azishiye khona.

24. Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izambatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.

25. Amanoni omnikelo wesono uyakuwashisa e-altare.

26. Ovuma ukuba impongo iye ku-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*

27. Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu,* kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.

28. Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*

29. Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.

30. Ngokuba ngalolo suku niyakwenzelwa ukubuyisana ukuba nihlanjululwe; niyakuhlambuluka ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova.

31. Kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo kini; anothobisa imiphefumulo yenu; kuyisimiso esiphakade.

32. Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana, afake izambatho zelineni, izambatho ezingcwele,

Ulevitikusi 16