14. athabathe kulo igazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe, nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.
15. Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,
16. enzele indawo engcwele ukubuyisana ngenxa yokungcola kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yeziphambeko zabo ezonweni zabo zonke; akenzele njalo netende lokuhlangana elihlezi nabo phakathi kokungcola kwabo.
17. Akuyikubakho muntu etendeni lokuhlangana, nxa engena ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele aze aphume, azenzele ukubuyisana, yena nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.
18. Uyakuphuma, aye e-altare eliphambi kukaJehova, alenzele ukubuyisana, athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke.
19. Uyakulifafaza ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe, alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwa-Israyeli.
20. Eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana, netende lokuhlangana ne-altare, uyakunikela ngempongo ezwayo;
21. u-Aroni abeke izandla zakhe zombili enhloko yempongo ezwayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantwana bakwa-Israyeli neziphambeko ezonweni zabo zonke, akubeke enhloko yempongo, ayithume ngesandla somuntu olungiselwe lokhu, iye ehlane,
22. impongo ithwale ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, bayiyeke impongo ehlane.
23. U-Aroni uyakungena etendeni lokuhlangana, akhumule izambatho zelineni azembetheyo ekungeneni kwakhe endaweni engcwele, azishiye khona.
24. Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izambatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.