Ulevitikusi 15:19-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. “ ‘Uma owesifazane ecucuza, ukucucuza kwakhe kube yigazi, uyakuhlala engcolile izinsuku eziyisikhombisa; bonke abamthintayo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.

20. “ ‘Zonke izinto alala kuzo ekungcoleni kwakhe ziyakuba ngezingcolile; nakho konke ahlala kukho kuyakuba ngokungcolile.

21. Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

22. Yilowo nalowo othinta noma intoni ahlala kuyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

23. Uma kusembhedeni noma kukuyiphi into ahlala kuyo, nxa kuthintwa ngumuntu, yena uyakuhlala engcolile kuze kuhlwe.

24. “ ‘Uma indoda ilala naye, ukungcola kwakhe kube kuyo, iyakuba ngengcolile izinsuku eziyisikhombisa; nayo yonke imibhede alala kuyo iyakuba ngengcolile.

25. “ ‘Uma owesifazane ecucuza igazi lakhe izinsuku eziningi, zingabi ngezokungcola kwakhe, noma ecucuza kudlula isikhathi sokungcola kwakhe, zonke izinsuku zokucucuza kokungcola kwakhe uyakuba njengasezinsukwini zokungcola kwakhe; ungcolile.

26. Imibhede yonke alala kuyo zonke izinsuku zokucucuza kwakhe iyakuba kuye njengombhede wokungcola kwakhe; zonke izinto ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile njengokungcola kwefindo lakhe.

27. Yilowo nalowo othinta lezo zinto uyakuba ngongcolile, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.

28. “ ‘Kepha uma ehlambuluka ekucucuzeni kwakhe, makazibalele izinsuku eziyisikhombisa, andukuba ahlambuluke.

29. Ngosuku lwesishiyagalombili wozithabathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, awalethe kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana.

30. Umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kokungcola kwakhe.

31. “ ‘Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele* lami eliphakathi kwabo.’ ”

32. Lowo ungumthetho wocucuzayo nowoshaywa yizibuko, aze angcole ngakho,

33. nowogula ngokungcola kwakhe, nowocucuzayo, umlisa noma owesifazane, nowakhe olala nongcolileyo.

Ulevitikusi 15