16. “ ‘Nxa umuntu eshaywa yizibuko, uyakugeza wonke umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
17. Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolile kuze kuhlwe.
18. Nowesifazane elale naye indoda, imlalile yamthela ngamalotha, bayakugeza bobabili ngamanzi, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.