1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
2. “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi kubo: ‘Nxa owesilisa ecucuza emzimbeni wakhe, ungcolile ngokucucuza kwakhe.
3. Lokhu kuyakuba ngukungcola kwakhe ngokucucuza kwakhe: noma umzimba wakhe ucucuza, noma umzimba wakhe uvimbekile ekucucuzeni kwakhe, kungukungcola kwakhe.
4. “ ‘Yonke imibhede alala kuyo ocucuzayo iyakuba ngengcolile; nezinto zonke ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile.
5. Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.