Ulevitikusi 15:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:

2. “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi kubo: ‘Nxa owesilisa ecucuza emzimbeni wakhe, ungcolile ngokucucuza kwakhe.

3. Lokhu kuyakuba ngukungcola kwakhe ngokucucuza kwakhe: noma umzimba wakhe ucucuza, noma umzimba wakhe uvimbekile ekucucuzeni kwakhe, kungukungcola kwakhe.

Ulevitikusi 15