1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
2. “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi kubo: ‘Nxa owesilisa ecucuza emzimbeni wakhe, ungcolile ngokucucuza kwakhe.
3. Lokhu kuyakuba ngukungcola kwakhe ngokucucuza kwakhe: noma umzimba wakhe ucucuza, noma umzimba wakhe uvimbekile ekucucuzeni kwakhe, kungukungcola kwakhe.
4. “ ‘Yonke imibhede alala kuyo ocucuzayo iyakuba ngengcolile; nezinto zonke ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile.
5. Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
6. Ohlala entweni ahlale kuyo ocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
7. “ ‘Othinta inyama yocucuzayo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
8. “ ‘Uma ocucuzayo emfela ngamathe ohlambulukileyo, yena uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
9. “ ‘Zonke izihlalo akhwela kuzo ocucuzayo ziyakuba ngezingcolile.
10. Bonke abathinta into eyayiphansi kwakhe bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe, nalowo othwala lezo zinto uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
11. “ ‘Nalowo ocucuzayo amthinta, engahashazanga izandla zakhe ngamanzi, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
12. “ ‘Isitsha sebumba asithinta ocucuzayo siyakwaphulwa, nazo zonke izitsha zomuthi ziyakuhashazwa ngamanzi.
13. “ ‘Nxa ocucuzayo ehlambulukile ekucucuzeni kwakhe, uyakuzibalela izinsuku eziyisikhombisa zokuhlanjululwa kwakhe, ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi agobhozayo, ahlambuluke.
14. Ngosuku lwesishiyagalombili wozithabathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, eze phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, awanike umpristi: