9. Kuyakuthi ngosuku lwesikhombisa aphucule zonke izinwele zekhanda lakhe nesilevu sakhe namashiya akhe, yebo, aphucule zonke izinwele zakhe, ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, ahlambuluke.
10. “Ngosuku lwesishiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu, kuxovwe namafutha nelogi* lamafutha.
11. Umpristi ohlambululayo uyakumbeka umuntu oyakuhlanjululwa kanye nalezo zinto phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana;
12. umpristi athabathe enye imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nelogi* lamafutha, akuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova;
13. uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.
14. Umpristi wothabatha igazi kuwo umnikelo wecala, umpristi alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene,
15. umpristi athabathe kulo ilogi* lamafutha, awathele entendeni yesakhe isandla sokhohlo;
16. umpristi agcobhoze umunwe wakhe wokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, afafaze ngamafutha phambi kukaJehova kasikhombisa ngomunwe wakhe.
17. Amafutha aseleyo asesandleni sakhe umpristi uyakuwabheca esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala.
18. Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.
19. “Umpristi wonikela ngomnikelo wesono, amenzele oyakuhlanjululwa ukubuyisana ngenxa yokungcola kwakhe, andukuba ahlabe umnikelo wokushiswa,
20. umpristi anikele ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu e-altare, umpristi amenzele ukubuyisana, ahlambuluke.
21. “Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, wothabatha imvu yeduna ibe ngumnikelo wecala, uzuliswe ukumenzela ukubuyisana, nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, nelogi* lamafutha,
22. namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.