34. “Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo,
35. umninindlu makeze amtshele umpristi, athi: ‘Kungathi kubonakele isifo endlini.’
36. Umpristi woyala ukuba bakhiphe okuphakathi endlini, engakangeni umpristi ukuyobona isifo, ukuze kungangcoli konke okusendlini, andukuba umpristi angene ukubona indlu.
37. Abesebheka ibala; uma ibala lisezindongeni zendlu, linemishwe eluhlazana noma ebomvana, libonakala lishonile kunodonga,
38. bheka, khona umpristi wophuma endlini, aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa,
39. umpristi abuye ngosuku lwesikhombisa, abheke; uma ibala landile odongeni lwendlu,
40. bheka, khona umpristi woyala ukuba bakhiphe amatshe isifo esikuwo, bawalahle endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi;
41. indlu iphalwe phakathi nxazonke, bathele udaka oluphaliweyo endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi.
42. Bothabatha amanye amatshe, bawafake endaweni yalawo matshe, bathabathe olunye udaka, bayinameke indlu.
43. “Uma isifo sibuye siqhamuka endlini emva kokukhishwa kwamatshe nasemva kokuphalwa kwendlu nasemva kokunamekwa kwayo,
44. umpristi uyakungena abheke; uma isifo sandile endlini, bheka, kuluchoko olubi endlini; ingcolile.
45. Woyibhidliza, amatshe ayo namapulangwe ayo nalo lonke udaka lwendlu akukhiphe emzini, akulahle endaweni engcolileyo.
46. “Ongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.
47. Olala endlini makahlanze izingubo zakhe; nodlayo endlini makahlanze izingubo zakhe.
48. “Uma umpristi engena azobheka, isifo singandile endlini emva kokunamekwa kwendlu, bheka, khona umpristi uyakusho athi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo sipholile.
49. Wothabatha, ukuba ahlambulukise indlu, izinyoni ezimbili nomsedari* nendwangu ebomvu nehisopi,*
50. ahlabe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo,
51. athabathe umsedari nehisopi nendwangu ebomvu nenyoni ezwayo, akugcobhoze egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agobhozayo, afafaze indlu kasikhombisa,