Ulevitikusi 14:31-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. yebo, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa kanye nomnikelo wempuphu, umpristi amenzele ukubuyisana oyakuhlanjululwa phambi kukaJehova.”

32. Lowo ungumthetho wakhe isifo sochoko esikuye, ongenakuphumelela kulokho okuqondene nokuhlambuluka kwakhe.

33. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:

34. “Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo,

35. umninindlu makeze amtshele umpristi, athi: ‘Kungathi kubonakele isifo endlini.’

36. Umpristi woyala ukuba bakhiphe okuphakathi endlini, engakangeni umpristi ukuyobona isifo, ukuze kungangcoli konke okusendlini, andukuba umpristi angene ukubona indlu.

37. Abesebheka ibala; uma ibala lisezindongeni zendlu, linemishwe eluhlazana noma ebomvana, libonakala lishonile kunodonga,

38. bheka, khona umpristi wophuma endlini, aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa,

39. umpristi abuye ngosuku lwesikhombisa, abheke; uma ibala landile odongeni lwendlu,

40. bheka, khona umpristi woyala ukuba bakhiphe amatshe isifo esikuwo, bawalahle endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi;

41. indlu iphalwe phakathi nxazonke, bathele udaka oluphaliweyo endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi.

42. Bothabatha amanye amatshe, bawafake endaweni yalawo matshe, bathabathe olunye udaka, bayinameke indlu.

43. “Uma isifo sibuye siqhamuka endlini emva kokukhishwa kwamatshe nasemva kokuphalwa kwendlu nasemva kokunamekwa kwayo,

44. umpristi uyakungena abheke; uma isifo sandile endlini, bheka, kuluchoko olubi endlini; ingcolile.

Ulevitikusi 14